Kuboshwe owesifazane kutholakala umbungu emva kwendlu

2016-09-01 13:31

Cape Town – Kuboshwe owesifazane eneminyaka engu-23 ubudala ngemuva kokuba amaphoyisa ethole umbungu ugqitshwe ngemuva kwendlu kamakhelwane.

Kusolwa ukuthi owesifazane uhushule isisulu ngendlela engekho emthethweni wabesefihlela umbungu egcekeni lakubo komngani wakhe e-Athlone.

Kutholakale umbungu wesilisa onamasonto angu-18 ubudala ngemuva kokuba amaphoyisa encinzwe indlebe.

Funda nalolu daba: Kulimale ababili kuqubuka umlilo esikoleni

Owesifazane, elingeke lidalulwe igama lakhe okwamanje, angase athweswe icala lokubulala uma kutholakala isiqinisekiso sokuthi umbungu uzalwe uphila.

Uboshwe ngoLwesibili ekubo eKewtown, kubika iDaily Voice.

Ngokomthombo wamaphoyisa, lona wesifazane uhushule isisu emtholampilo ongekho emthethweni ngemuva kojikiswa emtholampilo kahulumeni ngenxa yokuthi wayekude kakhulu kulayini. 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...