Kuboshwe owePirates ngecala 'lokweba imoto'

2017-04-19 16:04

Johannesburg - Kuboshwe umdlali we-Orlando Pirates, uBenard Morrison, ngecala ‘lokweba imoto’, okuthiwa wayithenga egaraji ngosizo lwe-agent.

Zinyanga zonke lo mdlali kuthiwa imali wayeyinikeza i-agent ukuba iyokhekhela imoto, engazi ukuthi ayiyikhokhi. Imoto yadliwa yigaraji, kodwa ngandlela thize wakwazi ukuthola okhiye bayo, wayithatha.

Ube eseboshwa ngecala lokweba imoto, okungeyakhe.

Lo mdlali waseGhana, owajoyina i-Orlando Pirates ngonyaka odlule, ugcinwe esiteshini samaphoyisa esiseDouglasdale, eRandburg, eGauteng nokuyilapho ethweswa khona icala lokuphanga.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uCaptain Mavela Masondo, ukuqinisekisile ukuthi uvele eNkantolo kaMantshi ngoLwesibili, kodwa akucaci ukuthi ngabe udedeliwe yini.

OLUNYE UDABA: Kuchitheke igazi emhlanganweni wamakhansela eGoli

Imithombo itshele iDaily Sun ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-24 ubudala uboshwe ngawo uLwesibili esendlini yakhe eFourways.

“Ubesalele ngesikhathi kufika amaphoyisa ezomthatha ekuseni. Amaphoyisa afike enomngani wakhe, aboshwe naye,” kusho umthombo.

Kuthiwa lo mdlali uzamile ukuchazela amaphoyisa ukuthi bekwenzakalani, kodwa amaphoyisa angafuna ukumlalela, ambopha.

Ngokusho komunye umthombo, uMorrison kuthiwa wathenga imoto yohlobo lwe-Audi A3 TFSI ngosizo lwe-agent, eyayingumxhumanisi, kanti imali ayiyikhokhi egaraji.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...