Kuboshwe owenkampani yabameli ngokudla izimali

2017-01-27 13:00

Tzaneen – Kuboshwe umqondisi wenkampani yabameli eLimpopo ngecala lokweba nokukhwabanisa imali engafinyelela ku-R1.9m, kusho oKlebe.

Okhulumela uphiko oluphenya ngamacala abucayi uCaptain Matimba Maluleke uthe umqondisi kuthiwa wafaka isicelo sokunxeshezelwa yiRoad Accident Fund efakela ikhasimende elingadalulwanga.

OLUNYE UDABA: Kulindeleke libuyele enkantoo elikaYengeni

"Ngemuva kokuba sesiphumile izimali, wayikhipha yonke ngaphandle kokuthi akhokhele ikhasimende lakhe,” kusho uMaluleke.

Umsolwa uvele eNkantolo yeMntashi yaseTzaneen ngoLwesine wadedelwa ngebheyili ka-R5 000.

Icala lihlehliselwe u-Epreli 12 ukuze kuqhutshwe uphenyo.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C Sunny. Mild. Pta: 5-18°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-15°C Sunny. Cool. Bloem: -3-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-24°C Sunny. Mild. PE: 12-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...