Kuboshwe owe-PSL ngezokudlwengula

2017-03-28 12:32

Johannesburg - Zimkhalele umdlali webhola lezinyawo eNingizimu Afrika odlala kwi-Premier Soccer League (PSL) kanti usevelile nasenkantolo eseKapa ngecala lokudlwengula, kusho amaphoyisa aseWestern Cape.

Lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala uboshwe eMpumalanga ngeSonto ngokubandakanyeka esigamekweni sokudlwengula okusolakala ukuthi senzeka ngoFebhuwari 2013 eGoodwood, eKapa.

OLUNYE UDABA: Udaluliwe owe-PSL oboshwe ngempelasonto

"Icala lihlehliselwe umhlaka-7 Ephreli 2017 ukuze umsolwa ezokwazi ukuvela eNkantolo yesiFunda yaseParow.

"Igama lomsolwa angeke lidalulwe ngenxa yecala abhekene nalo," kusho isitatimende samaphoyisa.

Ukuboshwa kwalesi sihlabani esasidlalela iPlatinum Stars kuza ngemuva kokuba amaphoyisa ekhiphe incwadi egunyaza ukuba siboshwe ekuqaleni kwale nyanga.

Icala liphenywa yiBellville Family Violence, Child Protection and Sexual Offence.

 - ANA

  - Phakaaathi

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...