Kuboshwe owayeyisoka kushona abathathu kusha umjondolo

2017-03-13 11:01

Cape Town – sekuvele ukuthi abantu abathathu abashe ngesikhathi kuqubuka umlilo emjondolo ngempelasonto babulewe.

Lowo owayeyisoka likamama oshone nendodakazi yakhe, 12, kanye nesoka lakhe elisha ngesikhathi kusha umjondolo eKosovo ngoMgqibelo, uzovela eNkantolo kaMantshi e-Athlone ngoMsombuluko ngamacala okubulala.

Okhulumela amaphoyisa uNoloyiso Rwexana uthe umsolwa oneminyaka engu-38 ubudala uzinikele emaphoyiseni ngemuva kwesigameko.

OLUNYE UDABA: Izigebengu zibulale nomnikazi wemoto zibaleka

Umama, uSimbongile Gxabagxaba, 29, ubelele nesoka lakhe, okuthiwa ngu-Isaac, indodakazi yakhe uSimbonile, 12, nendodana uSimamkele, 14, ngesikhathi kuqubuka umlilo.

USimamkele uthe bekuyizithuba zabo-02:00 ekuseni ngesikhathi ebona indlu isha.

USimamkele uthi uphume endlini kusha, akabange esakwazi ukutshela abanye ngenxa yokuthi amalangabi abesemakhulu kakhulu.

- Cape Times

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C Morning clouds. Cool. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-25°C Partly cloudy. Mild. PE: 16-23°C Scattered clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...