Kuboshwe owakuleli eBrazil ngelezidakamizwa

2018-04-14 10:08

Randfontein - Kuboshwe owesifazane waseMohlakeng ngokutholakala nezidakamizwa ngoFebhuwari kulo nyaka eSão Paulo, eBrazil, kubika iRandfontein Herald.

UBrigadier Jacob Manamela wamaphoyisa aseRandfontein uqinisekise ukuthi udaba luphenywa ngamaphoyisa ophiko lwe-Interpol.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe owakuleli e-Australia ngelezidakamizwa

"Ngokusho kwemininingwane yamaphoyisa e-Interpol, lo wesifazane uboshelwe ukutholakala nezidakamizwa," usho njalo eqhuba ngokuthi kuseyizinsolo.

Abephephandaba iRandfontein Herald bazoba nengxoxo nomama womsolwa ngomhlaka-20 Ephreli.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...