Kuboshwe owakuleli e-Australia ngelezidakamizwa

2017-03-10 12:29

Johannesburg - Amaphioyisa ase-Australia asebeke amadoda amane amacala, kubalwa nendoda yaseNingizimu Afrika ngemuva kokuthola izidakamizwa zohlobo lwe-cocaine ne-methamphetamines zifihlwe ethuluzini elisetshenziswa ezimayini.

Abezindaba ze-ABC bacaphune amaphoyisa ase-Australia ethi izidakamizwa zifike eMelbourne ngomkhumbi obusuka eNingizimu Africa ngoDisemba ngomhlaka-5.

OLUNYE UDABA: Kushaqwe izidakamizwa ezingabiza u-R78m e-Airport

Lezi zidakamizwa zabe sezithuthelwa eSydney lapho ezitholakale khona kwaboshwa amadoda amathathu ngomhlaka-5 Febhuwari. Indoda yesine iboshwe ngoLwesithathu eMelbourne kuleli sonto.

Izidakamizwa zazipakishwe emakesini ensimbi.

Omunye wabasolwa yindoda eneminyaka engu-75 ubudala edabuka eNingizimu Afrika.

Isishoshovu esimelene nobugebengu eNingizimu Afrika, uYusuf Abramjee, sibhale enkundleni yezokuxhumana ukuthi le ndoda ingeyaseLaudium eduzane nasePitoli.

Twitter:

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C Sunny. Mild. Pta: 6-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: -3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-21°C Drizzle. Morning clouds. Cool. PE: 9-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...