Kuboshwe otholwe namateku angombombayi

2017-10-05 09:29

Cape Town - Kuboshwe indoda eKarino, eduzane naseNelspruit ngokutholakala namateku angombombayi emali ebalelwa kwengaphezu kwengu-R5 million, kusho amaphoyisa aseMpumalanga ngoLwesithathu.

Ngokusho kwesitatimende, ilungu lonogada benkampani yonogada ezimele lancizwa indlebe mayelana neloli esuka eKomatipoort ilibangise ngaseNelspruit, lisendleleni ebheke eGoli.

Le nkampani yonogada yalinda ku-tollgate waseNkomazi, eKaapmuiden ukuze izoqinisekisa le mininingwane eyitholile.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe abatholwe nama-fong kong eHluhluwe

"Ngesikhathi iloli liqhamuka, onogada balilandela bebe bebikela amaphoyisa iSouth ASfrican Police Service aseWhiteriver ophiko lwezinja, iK9.Ngesikhathi efika, amisa iloli eceleni komgwaqo ayisesha kwabe sekuboshwa umdolwa, 33, ngemuva kokutholakala kwamakesi abefihliwe elolini," kusho amaphoyisa.

Le ndoda ilindeleke ukuba ivele eNkantolo yeMantshi yaseNelspruit namuhla (ngoLwesine), ngecala lokutholakala nempahla engombombayi.


 -  African News Agency

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-30°C High level clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-20°C Passing showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...