Kuboshwe osolwa ngokudayisa 'iphilisi' eNanda

2017-10-13 10:57

Durban - Ikhalelwe ngamasongo kaSigonyela  indoda yaseNanda enyakatho yeTheku ngokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni, izidakamizwa i-bullet proof nejakhethi yamaphoyisa.

Le ndoda iboshwe ngesikhathi amaphoyisa eqhuba umsebenzi wawo ngoLwesine ebusuku endaweni yaseNanda ngosizo lwamalungu eNanda Crime Prevention, kusho uLieutenant-Colonel Thulani Zwane.

OLUNYE UDABA:Uyavela osolwa ngokushushumbisa izidakamizwa egibele itekisi

"Amaphoyisa abelandela umkhondo mayelana nesibhamu esingekho emthethweni endaweni yaseNanda ngoLwesine. Athola umsolwa endaweni yaseMachobeni waseshwa. Amaphoyisa athole isibhamu nezinhklamvu zaso ezingu-15. Le ndoda iphinde yatholakala namaphilisi angu-124 ohlobo lwe-mandrax," kusho uZwane.

"Ngesikhathi kuqhutshekwa nophenuyo, amaphoyisa ahambe naye aya lapho ahlala khona lapho okutholakale khona i-bullet proof nejakhethi yamaphoyisa," kuqhuba uZwane.

Uphinde wathi le ndoda kusolwa ukuthi idayisa izidakamizwa endaweni yaKwaMashu, eNanda naseNtuzuma.

Ngokwesitatimende samaphoyisa uMajor General Bheki Langa, oyibamba likaKhomishana wamaphoyisa aKwaZulu-Nata wamukele ukuboshwa kwale ndoda nokutholakala kwesibhamu nezidakamizwa.

Kulindeleke ukuba ivele eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma ngoLwesihlanu.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C High level clouds. Cool. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-33°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...