Kuboshwe osolwa ngokubamba inkunzi iveni lemali

2018-03-12 16:00

Johannesburg - Kuboshwe umsolwa uboshiw ngemuva kwezinsolo zokubayingxenye yesigameko esikhulu sokubanjwa inkunzi imoto yemali eyayihambisa imali e-Kempton Park eGoli.

UNathaniel Nathi Mafala, 32, ubhekene necala lokuzama ukubulala, ukuphanga ehlomile, ukutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nokutholakala nempahla eyebiwe.

UMafala wanqatshelwa ibheyili eNkantolo yeMantshi yasePretoria ngoLwesihlanu.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe umsolwa kubanjwa inkunzi iveni lemali eGoli

Okhulumela amaphoyisa ophiko loKlebe, uCaptain Ndivhuwo Mulami uthe esitatimendeni, uMafala usolwa ngokuba ngomunye wabasolwa abaqhumisa baphinde babamba inkunzi imoto yemali i-G4S ngomhlaka-21 Januwari ku-N1. Badubula imoto yemali bayimise eceleni kongwaqo. Umshayeli nomunye umgibeli babanjwa inkunzi izibhamu, izigebengu zabaleka nesamba semali esingaziwa.

Uphenyo loKlebe laholela ekutheni kuboshwe uMafala ngomhlaka-20 Febhuwari eSoshanguve eduzane nasePitoli.

Usolwa ngokutholakala no-ova, okhiye, isibhamu esingekho emthethweni nemali okusolwa ukuthi yathathwa endaweni yeisgameko.

"Kutholwe enye imali engu-R100 000 emzini wabazali wakhe oseBritz," kusho uMulamu.

UMafala uzophinde avele enkantolo ngomhlaka-19 Mashi. Kulindeleke ukuba kuboshwe abanye abasolwa.

 - TimesLIVE

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...