Kuboshwe osolwa ngokubamba imoto yemali eLimpopo

2018-03-28 07:40

Johannesburg - Amaphoyisa aseLimpopo athi anethemba lokuba azophumelela maduze ekubopheni abasolwa ngokubamba imoto yemali kulandela ukuboshwa komunye wabasolwa okukholakala ukuthi iyingxenye yobugebengu bokubanjwa kwezimoto zemali ezweni.

Amaphoyisa abophe le ndoda ngoMsombuluko ngemuva kokuncinzwa indlebe yizakhamuzi ngendoda etholwe idindilize phansi yopha kwinxeba lokudutshulwa emahlathini eGa-Phaahla village, kusho okhulumela amaphoyisa uLt-Col Moatshe Ngoepe ngoLwesibili.

Abasolwa abathathu ababehamba nge-Toyota Corolla, kusolwa ukuthi bamisa imoto yemali eceleni komgwaqo bavulela ngenhlamvu bebhekise kuyo, kusho uNgoepe.

OLUNYE UDABA:Kusaqhubeka ukuthungathwa kwamadoda abamba inkunzi imoto yemali

Onogada bemoto yemali baziphindiselela, badubula bonke abasolwa, bobathathu, kwalimala oyedwa kanzima. Kwabe sekufika abanye abasolwa behamba nge-Audi A4 bafaka amadoda amabili emotweni ngaphambi kokubaleka endaweni yesigameko.

Bashiya umsolwa wesithathu ngemuva, okwathi ngokuhamba kwesikhathi washona. Baphinde bashiya kanjalo iCorolla emgwaqeni.

Ngemuva kosuku olulodwa kwenzeke isigameko amaphoyisa abikelwa ngomsolwa oyedwa olimele kanzima osemahlathini.

"Ngesikhathi amaphoyisa efika, athola indoda engaziwa emfuleni, ilimele kabi, inenxeba lokudutshulwa, ingakwazi nokukhuluma," kusho uNgoepe.

Uqhube ngokuthi le ndoda ilashwa esibhedlela kanti iqashwe ngamaphoyisa. 


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...