Kuboshwe onogadada ngokudubula esidlangalaleni e-KZN

2018-04-13 16:02

Durban - Akhalelwe ngamasongo kaSigonyela amadoda angu-6 asebenzela inkampani yonogada ezimele ngemuva kokubonakala kwevideo ezinkundleni zokuxhumana eqhumisa izibhamu emphakathini, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngoLwesihlanu.

Isigameko sokuqala sokudubula esenzeke eMolweni, eHillcrest, amadoda amathathu abonakala edubula emoyeni emphakathini ebe ehamba ngemoto yawo yonogada.

Abanye abantu besifazane babe sebehayiza kanye nequlu labantu libe selikujabulela abakwenzayo.La madoda abe esehleka eqhubeka nokudubula ngaphambi kokungena ngaphakathi emotweni.

OLUNYE UDABA:OKlebe babophe onogada bemeya yaseMandeni

Amadoda amathathu asebenzela inkampani yonogada ezimele , aneminyaka engu-37 nengu-40 ubudala azinikele emaphoyiseni ngoLwesine., kusho okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Thulani Zwane.

"Kushaqwe izibhamu zala madoda kanti zizohlolwa ukuze kuzotholakala ukuthi azikaze zisebenzi yini ebugebengwini."

La madoda bekulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yasePinetown.

Kwesinye isigameko, kusolwa onogada abathathu ngokuqhumisa izibhamu emhlanganweni womphakathi eHowick ngoMsombuluko.

Kwivideo kubonakala amadoda azigqokele impahla zawo ebambe izibhamu phambi komphakathi owawudinwe ugane unwabu. Kuyo le video kuzwakala kuqhuma izibhamu.

UZwane uthe la madoda aboshiwe abe esethweswa icala ngemuva kwexzinsukwana.

La madoda avele phambi kweNkantolo yeMantshi yaseHowick ngoLwesine, icala lawo lahlehliselwa umhlaka-17 Meyi.

Abasolwa nguFlorian Ngcobo, 43, uWellington Bhengu, 48 noSbusiso Zuma, 48. 

 - Twitter:

 - Daily Sun



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...