Kuboshwe ona-20 ngokudlwengula isalukazi,76

2017-01-08 13:49

Willowvale – Kuboshwe owesilisa oneminyaka engu-20 ubudala ngecala lokudlwengula owesifazane oneminyaka engu-76 ubudala eWillowvale, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape ngeSonto.

“Owesifazane ubehambele umcimbi wesintu ngoLwesihlanu…eNkanga Village, eWillowvale,” kusho uCaptain Jackson Manatha.

Akucaci kahle ukuthi kungani owesifazane, kanye nezinye izihlobo zabesifazane esezikhulile, zilale emgwaqeni.

OLUNYE UDABA: Kushone oyedwa kushayisana izimoto

Ngezithuba zabo-21:00 ngoLwesihlanu ebusuku, abesifazane bahlaselwe owesilisa okuthiwa ubesedlwengula omunye wabo.

Owesilisa uboshwe ngoMgqibelo kanti uzovela eNkantolo yeMantshi eWillowvale ngoMsombuluko.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kubanjwe inkunzi abosizo lokuqala e-PE

Emizuzwini eyi-28 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 21-28°C Showers early. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 18-26°C Drizzle. Morning clouds. Warm. Bloem: 18-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 22-27°C a mixture of sun and clouds. Warm. PE: 18-24°C Rain early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...