Kuboshwe omunye umsolwa kwesokubulawa kwamalungu omndeni eHammersdale

2017-09-14 10:59

Durban -  Amaphoyisa ophiko lwe-Provincial Task Team abambe owesilisa oneminyaka engu-25 elokishini laseHammersdale.

Lo msolwa oboshwe ngomhlaka 8 Septhemba 2017 ubekwe amacala ayisithupha okubulala kanye nelilodwa lokuzama ukubulala.

Lo msolwa ungewesibili ukuboshwa ngesigameko esenzeka eHammersdale ekuqaleni kwalo nyaka.

NgoMashi amaphoyisa abamba uSisenda Mvinjana, 24, owavela enkantolo enkulu yasePietermaritzburg High Court ngomhlaka 2 kuMashi 2017 ngamacala ayisithupha okubulala nelokuzama ukubulala.

OLUNYE UDABA:Kutholakale iwunga kwesokubulawa kwabantu e-KZN

UMvinjana lamlahla icala wagwetshwa iminyaka engu-30 icala ngalinye lokubulala kanye nengu-10 ngokuzama ukubulala.

UMvinjana waboshwa ngamaphoyisa aseLudidi esifundazweni sase-Eastern Cape etholakala ephethe isibhamu sohlobo lwe-9mm nokuyishona esasetshenziswa ukubulala amalungu omndeni waseGeorgedale.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...