Kuboshwe ohlela imishado kubhimba uhlelo ngosuku olukhulu

2017-03-14 18:02

Cape Town – Izithandani ebese zilinde iminyaka engaphezu kwengu-20 zibophe elikasofasilahlane, kodwa umshado wazo wamaphupho wavele wabamuncu ngenxa yomhleli walo mcimbi.

Lezi zithandani zaseGoodwood, eKapa, zithi zakhokha imali engaphezu kuka-R21 000 ngamalungiselelo omshado.

Injabulo yalezi zithandani yashabalala ngosuku lomshado sezibeya lapho okwakumele zidlelwe khona, zithola kushaya umoya.

Lokhu kwabonakala sekufika izihambeli zomshado ntambama zibuya esontweni sekuyodliwa ukuthi kukhona okungalungile.

Lezi zithandani zithi zafika endaweni eyayibhukhiwe iRidgewood Sports and Recreation Centre zathola kkhala ibhungezi.

“Ngacishe ngaquleka ngibona kungekho lutho kuleli hholo futhi kubonakala ukuthi akukho okuhleliwe,” kusho umakoti.

OLUNYE UDABA:Bebeyolanda izipho kozakwabo abashadikazi abadlule kwaShoprite

Laba  bashadikazi bathi babanemihlangano eminingi nowesimame ohlela imishado futhi benethemba lokuthi uzobenzela umsebenzi omuhle kakhulu ngoba wayebabonisa ngisho imisebenzi aseyenzile ngaphambilini.

Nokho bathi baqala ukusola ngesikhathi befika esontweni bebona kungahleliwe ngendlela okwakuvunyelwene ngayo.

“Zonke izinto esasivumelene ngazo asizitholanga, izimbali engangizicelile zazingekho. Ngakhokha imali engango-R16 830 ngikhokhela ukudla, kodwa kwakungekho noyedwa umpheki,” kulandisa umakoti.

Laba bathi lo mhleli wafika nomyeni wakhe owayedakiwe ngo-18:30 wabatshela ukuthi ukudla abakuphekile kuvele kwamosheka.

Okhulumela amaphoyisa uSergeant Noloyiso Rwexana usiqinisekisile lesi sigameko wathi kuboshwe owesimame kanye nowesilisa ngalesi sgameko, kubika iThe Star.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Mild. Bloem: -3-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-20°C Sunny. Cool. PE: 11-18°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...