Kuboshwe odlwengule isitabane, efuna ukusimithisa

2017-09-19 11:03

Pretoria – Owesilisa oneminyaka engu-25 ubudala osolwa ngokudlwengula kuthiwa utshele isisulu esiyisitabane sesifazane ukuthi ufuna ukusimithisa ngesikhathi esidlwengula.

Kuthiwa umsola uphinde watshela isisulu ukuthi yena lapho ephuma khona ubutabane buyichilo.

Umsolwa uboshiwe ngokuhamba kosuku ngemuva kokuthungathwa ngamaphoyisa.

Kulindeleke avele eNkantolo kaMantshi ePitoli ngecala lokudlwengula ngoLwesibili.

OLUNYE UDABA: Kushe ihhovisi eligcina amadokodo

Imibiko ithi isisulu esineminyaka engu-24 ubudala sbesisefulethini siyovakashela umngani waso.

Safika endlini umngani wakhe ehlezi nesoka lakhe kanye nomsolwa.

Kubikwa ukuthi isisulu sadlwengulwa ngesikhathi umngani esaphume nesoka lakhe beyothenga ukudla.

Umsolwa, okusolakala ukuthi wake wathandana nesisulu, uwasala nesisul endlini.

- ANA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-30°C High level clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-20°C Passing showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...