Kuboshwe 'obulale' umshana emsola ngokweba imali

2017-10-05 07:01

Johannesburg - Amaphoyisa eLimpopo asebophe indoda eneminyaka engu-35 ubudala ngezinsolo zokubulala umshana wayo osekhulile ngemuva kokumsola ngokweba imali.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Moatshe Ngoepe, uthe isigameko senzeke endaweni yaseMphagani eduzane naseGiyani ngoLwesibili.

"Kusolwa ukuthi lo mfana, 14, ogama lakhe ngu-Akani Shiviti waseTikyline village ngaphandle kwaseTzaneen, utholakale eseshonile embhedeni wakhe ngemuva kokuzwakala ukuthi ushaywe ngumalume wakhe ngentambo kagesi.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe umalume owashadisa umshana nekhehla ngoba efuna imali

"UShiviti ubesolwa ngokuthi ugqekeze emzini kamalume wakhe weba imali engu-R1 000," kusho uNgqoepe.

Isisulu besivakashele umalume waso ngamaholidi okuvalwa kwezikole.

UKhomishana wamaPhoyisa esifundazwe uLieutenant-Colonel Nneke Ledwaba usigxekile isenzo samalume. "Ukufundiswa kwezingane ngenhlonipho akufanele kwenzeke ngendluzula, akwamukelekile nhlobo okwenzekile."

Le ndoda kulindeleke ukuba ivele eNkantolo yeMantshi yaseGiyani ngoLwesine ngecala lokubulala.

 - ANA


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...