Kuboshwe obelusa izinkomo 'ngokudlwengula isalukazi' e-E Cape

2018-04-26 07:41

Johannesburg - Kuboshwe indoda eyelusa izinkomo eWillowvale ngokubandakanyeka esigamekweni sokudlwengulwa kwesalukazi, kusho amaphoyisa e-Eastern Cape ngoLwesithathu.

Isalukazi, 74, sasihamba silibangise kwalo siphuma ukuyovakashela abangani baso eDadamba ngoLwesibili ntambama, ngesikhathi sihlaselwa, kusho uCaptain Jackson Manatha.

"Lesi salukazi sahlangana nale ndoda eyavele yasihlasela ngaphandle kokukhuluma. Kukholakala ukuthi isalukazi sahudulelwa ehlathini ngesikhathi kuqhubeka konke lokhu," esho.

OLUNYE UDABA:Udilikajele kowabulala ugogo wakhe emsola ngokumthakatha

"Lesi salukazi sasiyazi le ndoda njengoba yangumelusi owaziwayo endaweni."

Le ndoda, 45, yafunwa yaze yatholwa, yaboshwa ngemuva kokuhlonzwa yisalukazi.

Kulindeleke ukuba ivele eNkantolo yeMantshi yaseWillowvale ngoLwesine.

UBrigadier Trevor Mey wamaphoyisa aseButterworth usigxekile isigameko sokudlwengulwa kwalesi saguga.

UMey uncome amaphoyisa aseWillowvale ngokusukumela lolu daba, umsolwa waboshwa ngokushesha.




- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...