Kuboshwe nephoyisa kwabasolwa ngokubamba inkunzi e-OR Tambo

2017-03-15 07:47

Pretoria – Kubalwa nephoyisa phakathi kwabantu abane ababoshwe ngecala lokubanjwa kwenkunzi esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo, kusho iBamba likaKhomishana wamaPhoyisa uLieutenant General Khomotso Phahlane ngoLwesibili ebusuku. 

"Ukusebenza ngokuzikhandla nangokuzimisela kwethimba kuholele ekuboshweni kwabasolwa.

"Sizibophezele njengabomthetho ukusebenza ngokubambisana ukuze siqinisekise ukuthi abasolwa bayaboshwa. Esikhathini esingangesonto kuqhubeka uphenyo futhi sibuza abantu imibuzo sesingakuqinisekisa ukuthi bane ababoshwe ngenhloso yokuba baphekwe ngemibuzo.”

OLUNYE UDABA: Ubuyela enkantolo umama ngecala lokuthunjwa kwengane

Uthe ababili kubona bavele eNkantolo kaMantshi eKempton Park ngoLwesibili. 

Imali kodwa ayikatholakali.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 14-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-22°C Showers early. More clouds than sun. Mild. PE: 12-20°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...