Kuboshwe izisebenzi zaseHome Affairs ngelenkohlakalo

2017-09-06 12:34

Durban – Abantu abayisikhombisa, okubalwa nezisebenzi ezintathu zaseMnyangweni wezaseKhaya, baboshwe ngecala lenkohlakalo nokwephula i-Immigration Act ne-Identification Act, kusho oKlebe ngoLwesithathu.

Amalungu oKlebe ngaphansi kophiko lweDurban Commercial Crime ngokubambisana neHome Affairs Counter Corruption Team babophe abasolwa, kusho okhulumela oKlebe uCaptain Simphiwe Mhlongo.

UMhlongo uthe iziphathimandla zithole ukuthi kukhona okushaya amanzi ngokushishwa kwezitifiketi zabashonile emahhovisi oMnyango wezaseKhaya eMzimkhulu, Bulwer nasoLundi.

Ngemuva kwalokho kwenziwa uphenyo kusukela ngo-Agasti kuya kuSepthemba 1, noluholele ekuboshweni kwabasolwa.

OLUNYE UDABA: Izigebengu zebe isidumbu emathuneni eLimpopo

Abasolwa ababoshiwe oSnothile Buthelezi, 26, Sibulelo Malanda, 49, Buyelaphi Stubchen, 57, Nkosinathi Madlala, 31, Nokuphiwa Fihlane, 26, Nowinile Sikhosana, 34 noLindiswa Mkhafula, 28 kanti bavele kafuphi eDurban Special Commercial Crime Court ngoLwesine, ngo-Agasti 31.

Badedelwe ngebheyili ka-R2 000 umuntu emunye, icala labo lahlehliselwa uNovemba 3.

UStubchen uvele ngoMsombuluko, kanti icala lakhe yena lihlehliselwe u-Octhoba 5.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...