Kuboshwe izikhulu zomtholampilo ngokweba ama-ARVs

2017-01-10 14:32

Mpumalanga - Kuboshwe izikhulu ngezinsolo zokweba imishanguzo yegciwane lengculazi (ARVs) NwaNyamazane Clinic eMbombela.

Laba ababili baboshwe kanye nabanye ababili.

Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule kwaboshwa esinye isikhulu ngecala elifanayo.

OLUNYE UDABAOngoti baxwayisa ngama-side effect ama-ARV

Okhulumela amaphoyisa, uLeonard Hlathi, uthe, “Kuphinde kwaboshwa inesi kanye nosebenza lapho kukhishwa khona imithi.

"Baphinde batholakala nama-ARV. Osebenza lapho kukhishwa khona imithi uyena obekhipha le mishanguzo ayinikeze iphoyisa okuthiwa yilona ebeliwanikeza abantu abakhiqiza i-nyaope."

UMnyango wezeMpilo eMpumalanga uzwakalise ukushaqeka ngalokhu.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C High level clouds. Mild. Pta: 11-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 12-20°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...