Kuboshwe izelamani ngezinsolo zokubulala umakhelwane

2017-09-14 12:30

ePitoli - Izelamani ezimbili zase-Eersterust empumalanga nedolobha ePitoli ziboshwe kulandela izinsolo zokuthi zibulale umakhelwane ngoLwesithathu.

Okhulumela amaphoyisa uSam Shibambo uthe lezi zelamani eziseminyakeni eko-20 ubudala babe nengxabano nomakhelwane wabo, 40, emgwaqeni uSionsberg, e-Eersterust.

“Ngesikhathi bexabana, lezi zelamani zigwaze umakhelwane amanxeba ambalwa emzimbeni," kusho uShibambo.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe abafana abayisithupha ngokubulala umngani

Lo makhelwane uphuthunyiswe emtholampilo nokuyilapho eshonele khona.

Amaphoyisa abophe umsolwa oyedwa khona lapho emtholampilo babuyela naye ekhaya beyobopha umfowabo.

Imbangela yokubulawa kwalo mlisa kayaziwa okwamanje kodwa abasolwa babekwe icala lokubulala, kanti bazovela eNkantolo kaMantshi ePitoli kungekudala, kubika iThe Citizen.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...