Kuboshwe isosha ngokugebenga ibhizinisi eLimpopo

2018-04-24 19:33

Amaphoyisa aseLimpopo athi abophe isosha lakuleli kanye nomunye umsolwa ngecala lokugebenga ibhizinisi endaweni yaseNzhelele ngoMsombuluko.

Ngokwesitatimende samaphoyisa ngoLwesibili, ithimba elihogela umkhondo wezinswelaboya belithungatha izigebengu ezihlela ukugebenga imoto yemali endaweni yaseVhembe.

Leli thimba belithungatha abasolwa abebesanda kugebenga ibhizinisi eNzhelele, ababaleke babheka ngaseThohoyandou.

OLUNYE UDABA:Baboshiwe ababanjwe nemoto yombutho wezempi eVhembe

Ngemuva kokujahana, amaphoyisa abambe laba basolwa abebehamba nge-BMW yamasosha ishayelwa ngomunye wabasebenzela umbutho wamasosha.

Amaphoyisa athole isibhamu i-9mm esingenazo izinombolo, amalambu ahlaza amaphoyisa, izinombolo zezimoto kanye nemali engango-R2000.

Amaphoyisa athole nombiko wokuthi kunabanye abasolwa ababhace emzini oseMatanda.

Ngesikhathi amaphoyisa efika kuleyo ndawo, athole izimoto ezintathu zinezinombolo ezingaqondile kahle.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Sprinkles early. Partly cloudy. Cool. Pta: 10-25°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 9-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...