Kuboshwe isoka ngezinsolo zokubulala intombi eyi-albino e-KZN

2017-05-31 16:01

Durban - Amaphoyisa aKwaZulu-Natal abophe indoda eneminyaka engu-30 ubudala ngoLwesibili ngecala lokubulala intombi yayo esencane.

Ngesonto eledlule kwaduka u-Asanda Mbuyazi, 19, onebala elimhlophe.

Amaphoyisa namalungu omphakathi athungatha uMbuyazi yonke indawo waze watholakala ngemuva kwezinsuku ezimbili eseyisidumbu ehlathini endaweni yaseNdlabeyilandula, KwaMbonambi.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe indoda ngokuthumba intombazane

UMbuyazi wayenamanxeba okugwazwa emzimbeni engaligqokile iphenti, nokwaholela ekutheni amaphoyisa asole ukuthi wadlwengulwa ngaphambi kokubulawa.

Amaphoyisa aze abopha umsolwa ngoLwesibili eNgwavuma, lapho ebecashele khona abomthetho.

"Amalungu amaphoyisa abethungatha umsowa kusukela kwavulwa icala lokubulala esiteshini samaphoyisa aKwaMbonambi," kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.

Umsolwa uthweswe icala lokudlwengula nokubulala kanti uzovela maduze eNkantolo yeMantshi yaKwaMbonambi.



 - eNCA

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C High level clouds. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 16-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...