Kuboshwe isangoma ngokutholakala kwekhanda lowesifazane

2017-10-30 16:00

Johannesburg - Amaphoyisa aseMbizana athole ikhanda lomuntu nesitho sangasese sowesifazane ethuneni elingashoni.

Lokhu kuza ngemuva kophenyo lwamasonto amabili ngemuva kokutholakala kwentombazane ibulewe, isidumbu sayo sishumpuliwe.

Kuboshwe isangoma, 30, okuyiso esaholela amaphoyisa ethuneni elingashoni lapho okwatholakala khona izicubu zomuntu.

Lesi sigameko sokubulala sangomhlaka-15 Okthoba kukholakala ukuthi sihlobene nomuthi.

USinoyolo Mgaga, 18,  ongumfundi wasesikoleni i-AB Tshayingca High enza uGrade 10, washumpulwa ikhanda wakhikhilizwa isitho sangasese.

OLUNYE UDABA:Isangoma kwelokubulala nokushumpula 'amazambane'

Ngesonto eledlule kwavalwa idolobha njengoba kwakubhikisha inqwaba yamalungu omphakathi aseMbizana nezingane zesikole ngaphandle kwasesiteshini samaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Edith Mjoko, uthe amaphoyisa abophe isangoma ngezithuba zabo-02:00 ekuseni emzini waso oKwaNikhwe.

Lesi sangoma saholela amaphoyisa ethuneni elingashoni lapho okwakumbelwe khona ikhanda nesitho sangasese. Kwatholakala ummese owawunegazi ne-crowbar.

Ukuboshwa kwalesi sangoma kwenzeka ngemuva kwenkonzo yesikhumbuzo sikaMgaga. 

Usuku lokufihlwa kukaMgaga lwaphenduka inkonzo yesikhumbuzo ngemuva kokuba umndeni uvume ukuthi amaphoyisa athathe isidumbu siyohlolwa, kusho uMjoko.

 - DispatchLive

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...