Kuboshwe isalukazi 'ngokushisa imijondolo', kwafa oyedwa

2017-08-14 07:26

Port Elizabeth – Owesifazane oneminyaka engu-82 ubudala uboshiwe, wathweswa icala lokubulala ngezinsolo zokushisa imijondolo eWalmer, eNelson Mandela Bay,ekuseni ngeSonto..

Okhulumela amaphoyisa, uColonel Priscilla Naidu, uthe ngezithuba zabo-04:00, owesifazane uvuse omakhelwane bakhe ku-Elijah Street, wabatshela ukuthi useshise imijondolo emithathu.

"Kutholakale isidumbu somuntu esingakahlonzwa komunye umjondolo,” esho.

OLUNYE UDABA: Kushone oyedwa kugingqika imoto ku-N2

UNaidu uthe izicimamlilo zikwazile ukubhula umlilo, kanti amaphoyisa abengakasitholi isizathu esenze lona wesifazane washisa imijondolo.

UNaidu uthe owesifazane ubhekene necala lokubulala kanti uzovela enkantolo kungekudala.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...