Kuboshwe iqola esibhedlela esiseGoli

2016-09-30 10:00

Johannesburg - Isiguli esikhaliphile sisize abomnyango wezempilo ngokubopha abakhwabanisi ababili ababeqola iziguli ezalimala ezingozini zomgwaqo.

Lesi siguli sasesibheldlelaChris Hana Baragwanath sabizwa yisigebengu esathi sisebenzela abameli baseRoad Accident Fund. Sathi sifuna ukusiza isiguli ukuthola imali yaso emahhovisi e-RAF.

OLUNYE UDABA: Asebuyile amaqola azenza abathengi bezindlu eThekwini

Lesi siguli esasimangele sabuza ukuthi lesi sigebnengu siyithole kuphi imininingwane yaso njengoba amabhuku aso kwakufanele engabe agcinwe ngabesibhedlela.

Lesi siguli sabe sesibikela iziphathimandla zesibhedlela mayelana nalo tsotsi safuna ukwazi ukuthi kungani futhi kwenzeka kanjani ukuthi amabhuku asio abe sezandleni zalo muntu ongasisebenzeli isibhedlela.

UNgqongqoshe wezeMpilo eGauteng uQedani Mahlangu uthe leli qola seliboshiwe.

Lo muntu wabe esekhomba asebenzisana nabo baboshwa bonnke.UMahlangu ubonge isiguli kulandela ukuboshwa kwabasolwa.

 - Daily Sun

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...