Kuboshwe iphoyisa ngezinsolo zokweba isibhamu

2017-09-17 15:30

Port Elizabeth – Iphoyisa laseMthatha liboshiwe ngokweba isibhamu salo somsebenzi.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuphuma kwe-video ye-CCTV ebonisa leli phoyisa linomhlangano namadoda amabili emotweni yalo.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Priscilla Naidu uthe leli phoyisa elimenyaka engu-36 ubudala labika ukuthi ligetshengiwe lathathelwa isibhamu, umakhalekhukhwini kanye nesikhwama semali phambi kwehotela elisemgwaqeni uProspect Hill ePort Elizabeth ngoLwesihlanu.

Ngesikhathi abaseshi bephenya ngalesi sigameko, babone ivideo yaleli hhotela ebonisa konke okwenzekile.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe amaphoyisa abanjwe oqotsheni amukela intshontsho

UNaidu uthe le-video ibonisa leli phoyisa linamanye amadoda amabili emotweni yalo bahlala isikhashana maqede baphuma bahamba.

"Uphenyo luveze ukuthi leli phoyisa liqambe amanga ngokwebiwa kwesibhamu, imali nomakhalekhukhwini ngoba yilona elinikeze lawa madoda.

UKhomishana wamaphoyisa kulesi sifundazwe uLieutenant General Liziwe Ntshinga uzwakalise ukukhathazeka ngamaphoyisa asebenzisana nezigebengu.

"Umkhankaso wethu wukuqinisekisa ukuthi amaphoyisa aziphatha kahle futhi athembekile. Kubalulekile ukuthi siwaveze futhi siwakhiphe amaphoyisa anenkohlakalo ngoba ngeke sikwazi ukubekezelela inkohlakalo kulesi sifundazwe,"kusho yena.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...