Kuboshwe iphoyisa ngecala lenkohlakalo

2017-12-11 19:16

Kimberley – Iphoyisa kanye nalawo owayengumabhalane emaphoyiseni aseSpringbok eNorthern Cape baboshiwe ngamacala enkohlakalo nokweba, kusho oKlebe ngoMsombuluko.

Iphoyisa elineminyaka engu-35 ubudala kanye nalowo elisolwa naye baboshwe ngoLwesine olwedlule, ngamacala ehlukene okukhwabanisa imali engafinyelela ku-R3.4m, kusho okhulumela oKlebe uCaptain Philani Nkwalase esitatimendeni.

Abasolwa kuthiwa bathinteka ecaleni elithinta uSiyabonga Mangqishi,36, ongumabhalane emaphoyiseni aseSpringbok.

OLUNYE UDABA: Abasolwa bagebenge abesimame imali yesitokofela

UMangqishi wavela enkantolo ngasekuqaleni konyaka, wadedelwa ngebheyili.

UNkwalase uthe uMangqishi waboshwa ngoJanuwari 16, 2017, ngezinsolo zokufaka isicelo sokuthola imali ezosetshenziselwa ukuqasha izindawo zokuhlala abasebenzi -uma bephume ngokomsebenzi - esebenzisa imininingwane yozakwabo.

Kuthiwa yonke le mikhuba yenzeka ngo-2014, kwaze kwaba uJanuwari 2017.

Abasolwa ababili bavele eNkantolo kaMantshi eSpringbok ngoMsombuluko.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-26°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 23-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...