Kuboshwe inqwaba yabashayeli ngempelasonto ngahlukene

2017-11-27 09:31

Cape Town - Kuboshwe abashayeli abangu-40 ngokushayela bephuze uphuzo oludakayo esifundazweni ngempelasonto.

Amaphoyisa omgwaqo athi kushone umuntu oyedwa obehamba ngezinyawo esigamekweni sokushayiswa yimoto yaqeda yabaleka eDu Noon.

Kuboshwe nabanye abashayeli ababili ngokuhamba ngesivinini esiphezulu eTouwsriver naseBeaufort West.

OLUNYE UDABA:Bazoyichithela ejele impelasonto ababoshelwe isivinini esiphezulu

Kukhishwe amathikithi emali engaphezu kwengu-R370 000 ngokuphula imithetho yemigwaqo eyehlukene.

UKenny Africa oyisikhulu samaphoyisa omgwaqo uthe: "Kuboshwe obeshayela budedengu eCaledon, omunye ohlulekile ukudalula igama nekhelile lakhe ephoyiseni eSomerset West. Kuboshwe nabashayeli abangu-534 ngokuhamba ngesivinini esiphezulu."

 - EWN

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...