Kuboshwe indoda ngokugwaza ibulale ubaba wayo

2017-12-24 10:07

Cape Town - Kuboshwe indoda eneminyaka engu-21 ubudala ngezinsolo zokubulala ubaba wayo, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape ngoMgqibelo.

Le ndoda isolwa ngokugwaza uyise oneminyaka engu-60 ubudala ngoLwesihlanu kubo eMaqwathini, kusho amaphoyisa aseKei Bridge eduzane naseButterworth.

OLUNYE UDABA:Owesilisa ugwaze ubaba wakhe, wamkhipha inhliziyo

Lo baba kubikwa ukuthi ushone ujuqu, kusho uCaptain Jackson Manatha, eqhuba ngokuthi imbangela yesigameko ayikacaci.

Umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi yaseButterworth ngoLwesithathu ngecala lokubulala.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...