Kuboshwe indoda etholakale no-R10m e-Airport yaseKapa

2017-10-12 09:30

Cape Town – Kulindeleke ukuba ivele eNkantolo yeMantshi yaseBellville ngoLwesine indoda eboshwe ngemuva kokutholakala nesamba semali engu-10 million sangaphandle, kusho amaphoyisa ophiko loKlebe.

Okhulumela oKlebe uLloyd Ramovha uthe kuboshwe indoda, 38, esikhumulweni sezindiza saseKapa ngoLwesithathu ntambama ngemuva kokutholakala namapotimende amabili gcwele izigidi zamarandi.

Umsolwa kusolwa ukuthi ubesuka eMgungundlovu elibangise e-United Arab Emirates eyodlula eKapa.

OLUNYE UDABA:Osolwa ngokweba u-R54m kwa-MTN uthi akanamali

"Iziphathimandla esikhumulweni zishaqe imali engu-R10m, kube sekubizelwa ithimba lwe-Serious Commercial Crimes Unit endaweni yesigameko ukuze lizoqhubeka nophenyo," kusho uRamovha.

Le ndoda kulindele ukuba ivele enkantolo ngecala lokuphula umthetho i-contravening section 15 of the Customs and Excise Act 91/1994, usho njalo.

Ibamba leNhloko yoKlebe uBrigadier Neil Oliver lithe: "Kusobala, ukuthi uphenyo kulolu ndaba yilo oluzodalula umkhondo nokuthi le mali ngeyakuphi."

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...