Kuboshwe indoda 'edlwengule' isalukazi

2017-12-18 14:00

East London  - Amaphoyisa asebophe indoda eneminyaka engu-36 ubudala eWillowvale, enyakatho ye-East London, ngemuva kwezinsolo zokudlwengula owesifazane oneminyaka engu-72 ubudala.

Okhulumela amaphoyisa uCaptan Jackson Manatha, uthe amaphoyisa aphuthume endaweni yesigameko ngoMgqibelo ngemuva kokuba le ndoda ingene emzini walo wesifazane yamdlwengula.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe umdlwenguli nentomb yakhe e-Eastern Cape

UManatha uthe isisulu sikwazile ukubona umsolwa ngemuva kokuba abalekile.

"Amalungu omphakathi afune umsolwa aze amthola. Amaphoyisa abizelwa endaweni yesigameko, umsolwa waboshwa," kusho uManatha.

Umsolwa kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseWillowvale ngoMsombuluko.

UManatha uthe uphenyo luyaqhubeka.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C More sun than clouds. Cool. Pta: 18-30°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 17-26°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-27°C Rain early. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 21-31°C Isolated tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 19-25°C Passing showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...