Kuboshwe imeya kuMasipala iNgquza Hill

2018-04-15 12:01

Johannesburg - Imeya kuMasiwapa iNgquza Hill esifundazweni i-Eastern Cape esifundeni iTranskei, uPat Mdingi, iboshiwe.

Lokhu kulandela ukwehluleka kukamasipala ukwakha kabusha izindlu ezingu-38 owazidiliza ngokungemthetho eNew Rest Township ngo-2016.

INkantolo eNkulu eGrahamstown yakhipha umyalelo wokuba kuboshwe imeya ngokwephula umyalelo wenkantolo.

OLUNYE UDABA: I-EFF ne-ANC ezingxoxweni zokuhlangana - Umbiko

Umyalelo wenkantolo wawucacisile ukuthi ukwehluleka ukwakha kabusha izindlu ngesikhathi esibekiwe, kuzoholela ekuboshweni kwemeya kanye nemenenja kamasipala, bahlale izinsuku ezingu-30 ejele.

Okhulumela iNgquza Hill, uNtandokazi Capa, ukholelwa ukuthi kugaganyeliwe ngokuboshwa kwemeya.

Uthi bayazi ngomyalelo wenkantolo, kodwa ngokwabo ukwazi bezingakapheli izinsuku eziyishumi ezabekwa yinkantolo ukuba zingapheli zingakakhiwa izindlu.

- SABC

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...