Kuboshwe ikhehla elishise izinja zakwamakhelwane ziphila

2017-03-28 11:02

Johannesburg - Ikhalelwe ngamasongo kaSigonyela indoda ngokushaya ngefosholo izinja ezimbili ngaphambi kokuzithungela ngomlilo ziphila.

Okhulumela amaphoyisa, uSamuel Sebola, uqinisekise ukuthi amaphoyisa athole inja eyodwa ifile kwaMakgatho, eWinterveldt, ePitoli.

Enye inja iphuthunyiswe emtholampilo wezinja kodwa yafike yabulawa khona ngenxa yamanxeba ayo, kubika iRekord North.

OLUNYE UDABA: Isihluku ubaba nendodana beshisa izinja zakamakhelwane

Kukholakala ukuthi lezi zinja ezingene egcekeni lale ndoda ngezakwamakhelwane.

USebola uthe amaphoyisa abethungatha indodana yalesi yale ndoda eneminyaka engu-75 ubudala okusolwa ukuthi yiyo eyayilekelela uyise ukuhlasela lezi zinja.

"La madoda ahlanganyele lezi zinja azishaya ngefosholo zawa phansi, kuthiwa abe esezibhunyela ngophethiloli azishisa," kusho uSebola.

Le ndoda ibhekene necala lokuhlukumeza izilwane kanti kulindeleke ukuba ivele enkantolo namuhla.

Umhloli wakwa-SPCA uMishack Matlou uqinisekise isigameko.

 - The Citizen

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone ababili kuphangwa ibhizinisi

Emizuzwini eyi-34 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...