Kuboshwe ikhansela ngelokubulawa kwelungu le-SANDF

2018-01-20 13:01

Cape Town - Inhlangano ye-ANC ikuqinisekisile ukuthi kuboshwe ikhansela layo ngoLwesihlanu ngecala lokubulala ilungu lombutho wokuvikela isizwe uPreston Titus.

Leli khansela kanye nomunye wesimame baboshwe ngosuku olulodwa nalolo okwagwetshwa ngalo uSixabiso Klip ngecala lokubulala uTitus.

UKlip ugwetshwe iminyaka engu-15 ngemuva kokuba anze esivumelwano namaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa uKaputeni Malcolm Pojie uthe abantu ababili baboshelwe elokubandakanyeka kuleli cala.

OLUNYE UDABA:IMeya izovakashela umndeni wabesimame abane ababulewe ngoLwesine

Isidumbu sikaTitus satholakala enkomponi ese-Oudtshoorn nokuyilapho abehlala khona ngomhlaka 1 Disemba.

Losayitsheni ubenenxeba lokugwazwa ekhanda nasengalweni.

Watholakala ngesikhathi indodakazi ibuya kuleli khaya abahlala kulo elisenkomponi nabangani bayo.

Ithi yafika ekhaya kukhiyiwe ubaba wayo engavuli ngisho esemfonela, kwaze kwabula umama wavula nokuyipho abathola khona isidumbu sakhe ekamelweni.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 21-28°C Showers early. Partly sunny. Warm.
Jhb: 19-26°C Scattered showers. Partly sunny. Warm. Bloem: 18-30°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Dbn: 22-25°C a mixture of sun and clouds. Mild. PE: 18-24°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...