Kuboshwe amaphoyisa angu-66 ngawobugebengu eGauteng

2016-10-09 16:02

Johannesburg - ISouth African Police Service (SAPS) eGauteng isixoshe amaphoyisa angu-66 abandakanyeka emacaleni obugebengu okubalwa kuwo; ukuzama ukubulala, ukuthumba, ukukhwabanisa, ukudlwengula nokweqisa iziboshwa ejele.

"Njengoba izigilamkhuba zingadingeki emaphoyiseni nasemiphakathini, amaphoyisa azoqhubeka nokubhekana namacala obugebengu nokukhwabanisa," kusho uLt-Col Lungelo Dlamini esitatimendeni.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe amaphoyisa amabili asolwa ngawenkohlakalo

Amaphoyisa angu-42 abandakanyeka emacaleni okukhwabanisa, ukuphanga, ukweba, ukuzama ukubulala, ukugqekeza, ukweba, ukuduna izimoto nokutholakala nezimoto ezebiwe, kusho uDlamini.

Amanye amaphoyisa aboshelw amavcala okukhwabanisa, ukuphanga, ukweqisa iziboshwa ejele, ukudlwengula, ukungalibhadi emsebenzini, ukudelela nokuphula umthetho.

La maphoyisa axoshwa phakathi kuka-Epreli noSepthemba kulo nyaka.

UDlamini ukhuthaze umphakathi ukuba usize amapghoyisa ngokuwabikela ngamaphoyisa abandakanyeka ebugebengwini ukuze kuzoqinisekiswa nukuthi umsebenzi wamaphoyisa uqhutshwa ngendlela.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-17°C Sunny. Mild. Bloem: -4-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 9-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...