Kuboshwe amaphoyisa amathathu ngele-laptop

2017-11-26 15:58

Port Elizabeth – Amaphoyisa amathathu asesiteshini saseNew Brighton ePort Elizabeth aboshiwe ngokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho, ngemuva kokwehluleka kwawo ukuletha i-laptop ayishaqa enza uphenyo ngecala lokubulala.

Amaphoyisa amathathu abeyingxenye yophenyo lokuthumba nokubulala, ngemuva kokuba abesilisa abane bethunjwe bekhonjwe ngezibhamu KwaZakele ngoNovemba 16.

Izidumbu zabo zatholakala ngesonto eledlule. 

Umphathi siteshi, uMajor General Dawie Rabie, uthe umndeni owabika lolu daba esiteshini samaphoyisa eNew Brighton, wathi wanikeza amaphoyisa i-laptop.

OLUNYE UDABA: UMantashe uxwayise ngokuthengwa kwamavoti

Abasheshi benza uphenyo ngalezi zinsolo, athola ukuthi i-laptop azigcinela wona amaphoyisa. 

Amaphoyisa aboshwa, avela enkantolo ngoMsombuluko.

URabie uthe ukuboshwa kwamaphoyisa kumele kube yisexwayise kwamanye amaphoyisa ephula umthetho ezweni.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Mostly sunny. Cool. Pta: 18-29°C Sunny. Warm.
Jhb: 16-26°C Mostly sunny. Warm. Bloem: 12-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Numerous showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 16-22°C Passing showers. More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...