Kuboshwe abokufika abane ngokubulawa kwamalungu omndeni

2017-02-15 16:00

Pretoria – OKlebe sebebophe abasolwa abane abangabokufika mayelana nesigameko sokubulawa kwamalungu omndeni amane epulazini eliseModderbult, eMpumalanga.

Kuboshwe abomdabu waseNigeria ababili kanye nababili abangabokudabuka eMozambique ngemuva kokuthi indoda, unkosikazi wayo kanye nabazali bendoda, betholakale bedutshuliwe endlini yabo esepulazini iModderbult ngoLwesibili.

OLUNYE UDABA: Bazofaka esebheyili abasolwa ngokuphanga ibhange lakwa-FNB

Ngokusho kokhulumela oKlebe, uLieutenant Colonel Robert Netshiunda, abasolwa zibakhalele besedolobheni eliseduzane nalapho bebephethe khona ama-laptops ezisulu.

“Ngesikhathi beqhubeka nophenyo amaphoyisa abone imoto nayo obekungeyomunye umufi. Amadoda amabili abonakale engena emotweni kanti ngesikhathi amaphoyisa ezethula kube sekuqala ukudubulana.

“Abasolwa bahlulwe ngamandla, omunye wabo uthole ukulimala ngesikhathi kunokudubulana kanti kuyimanje usesibhedlela,” kusho uNetshiunda.

Abasolwa abangabokudabuka eNigeria kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yaseBalfour ngoLwesithathu nalapho bezobe bebhekene namacala okutholakala nempahla okusolakala ukuthi yebiwe.

Ngakolunye uhlangothi, abasolwa abangabokudabuka eMozambique bona kulindeleke ukuba bavele enkantolo ngoLwesine, njengoba bebhekene namacala amane okubulala, ukutholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanye nokutholakala nemoto okusolakala ukuthi yebiwe.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-23°C Sunny. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 5-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 20-24°C Partly cloudy. Mild. PE: 15-24°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...