Kuboshwe abayisithupha betholakala nezibhamu eMlazi naseDududu

2017-09-13 13:59

Durban - Amaphoyisa aKwaZulu-Natal aphume umkhankaso obeyimpumelelo endaweni yaseMlazi naseDududu ngoLwesibili ebusuku.

Kulo mkhankaso amaphoyisa abophe abasolwa abayisithupha aphinde ashaqa izibhamu ezingu-8 ezingekho emthethweni.

Abasolwa ababoshiwe kuthiwa bayabandakanyeka emacaleni odlame lwamatekisi, udlame lwezombusazwe kanye nobugebengu.

OLUNYE UDABA:Isigebengu sizidubule esigamekweni sokuphanga

La maphoyisa ahlanganisa uphiko oluqapha udlame emphakathini, abe-Crime Intelligence kanye nabe-K9.

Bahlanu abasolwa ababanjwe elokishini eMlazi nokuyilapho okutholakale khona izibhamu ezinhlanu, nesinye sohlobo lwe-R5. Ezinye izibhamu ezimbili zitholakale eDududu lapho kuboshwe khona umsolwa oyedwa.

Abasolwa abahlanu ababanjwe eMlazi bazovela eNkantolo yeMantshi khona eMlazi kanti lo munye umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi eDududu.

Kwesinye isigameko KwaNongoma, kuboshwe umsolwa oneminyaka engu-23 ubudala kulandela ukutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C More sun than clouds. Cool. Pta: 13-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C Afternoon clouds. Warm. PE: 14-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...