Kuboshwe abayisithupha abasolwa ngokuduna izimoto eMlazi

2017-08-18 07:01

eMlazi - Iqulu lamadoda asolwa ngokuduna izimoto elokishini eMlazi namaphethelo liboshiwe ngoLwesithathu, kusho umbiko.

La basolwa babanjwe ngamaphoyisa ophiko lweThekwini Outer South Cluster bebambisene namanye.

Abasolwa abayisithupha babanjwe eFolweni naseMlazi kanti kukholakala ukuthi bayabandakanyeka ezigamekweni ezintathu zokwebiwa kwezimoto eMlazi, eFolweni naseBhekithemba ezibikwe ezinsukwini ezimbili ezedlule.

OLUNYE UDABA:Kubulawe abantu abane eMlazi oshayasibhamu bevulela ngenhlamvu

Abaseshi balandele umkhondo wezimoto bebambisene nezingcweti zemikhakha ehlukahlukene ngaphakathi emaphoyiseni. Kutholakale izimoto ezebiwe kanye nesibhamu sohlobo lwe-9mm kanye nesibhamu esiyithoyizi ngesikhathi kubanjwa abasolwa.

Kubuye kwatholakala iwashi, izikhiye zemoto, omakhalekhukhwini kanye nogologo.

Ezigamekweni ezimbili zokudunwa kwezimoto, abasolwa bathathe izimoto nabanikazi babalaxaza esigcemeni sakwa-Z kulo leli lokishi.

La basolwa bazovela eNkantolo yeMantshi yaseMlazi kungekudala ngamacala okuduna, ukuthumba kanye nokutholakala nezikhali ezingekho emthethweni.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...