Kuboshwe abathathu ngokuzama ukufumbathisa amaphoyisa

2016-12-28 16:00

Johannesburg - Kulindeleke mukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseTembisa  esempumalanga yeGoli ngoLwesithathu umshayeli ozame ukufumbathisa iphoyisa lomgwaqo.

Okhulumela iRoad Traffic Management Corporation (RTMC) uSimon Zwane uthe kuboshwe indoda eneminyaka engu-28 ubudala ngoMsombuluko eTembisa.

"Le ndoda yafuna ukufumbathisa ilungu lamaphoyisa omgwaqo imali engu-R250 ngenhloso yokuba imoto yayo engekho esimeni sokuhamba emgwaqeni ingakhishwa emgwaqeni.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe abashayeli abebecwile kwezikaFaro eGoli

"Iphoyisa beselisusa ilayisensi yemoto ngesikhathi lithenjiswa imali. Imoto yohlobo lwe-Nissan 1400 itholwe namathayi angekho esimeni esikahle kanti namalambu emoto angaphambili nangemuva abengasebenzi."

Kuboshwe abashayeli abathathu ngezinsolo zokufuna ukufumbathisa amaphoyisa selokhu kuqale amaholide. Ababili baboshwe e-Eastern Cape, kusho uZwane

Amaphoyisa azoqhubeka nomsebenzi awo emgwaqeni.

NgoLwesibili abe-RTMC bathe sekuboshwe abshayeli abangu- 7 000 ngamacala ahlukene okubalwa kuwo elokushayela ngobudedengu, ukuhamba ngesivinin esiphezulu nokushayela bedle amanzi amponjwana.


Abashayeli abangaphezu kwabangu-13 000 bahlawuliselwe ukungaligqoki ibhande nokusebenzisa amaselula uma beshayela 

 - frica News Agency

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 16-31°C Showers late. More sun than clouds. Hot.
Jhb: 16-28°C Morning clouds. Warm. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 16-21°C Drizzle. Morning clouds. Cool. PE: 12-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...