Kuboshwe abathathu ngezinsolo zokweba amatshe amathuna

2017-03-15 16:00

Johannesburg - Akhalelwe ngamasongo kaSigonyela amadoda amathathu aneminyaka ephakathi kwengu-29 nengu-46 ubudala ngezinsolo zokweba amatshe amathuna emathuneni aseMooifontein, eKempton Park, e-East Rand.

Okhulumela amaphoyisa aseNorkem Park uCaptain Lesibana Molokomme uthe kutholwe amatshe amathuna amahlanu emotweni yala madoda, okuyiVenture emhlophe esolisayo ngesikhathi iseshwa ngoLwesibili, kubika iKempton Express.

OLUNYE UDABA: Asezofakwa ama-alamu amatshe amathuna

UMolokomme uthe amaphoyisa akwaMasipala waseKurhuleni abophe la madoda ngezithuba zabo-14:00.

"Amaphoyisa amiswa yimoto yonogada emathuneni yabakhomba emotweni yohlobo lwe-Venture emhlophe esolisayo eyayipake ngaphakathi emathuneni.

"Ngesikhathi le moto iseshwa kwabe sekutholakala impahla okusolakala ukuthi yebiwe," kusho uMolokomme.

Uphenyo luyaqhubeka ngemizamo yokuthola abanikazi bamatshe amathuna.

 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...