Kuboshwe abathathu kulandela esokudubulana

2018-01-12 12:33

Durban – Kuboshwe amadoda amathathu kulandela isigameko sokudubulana namaphoyisa, eBellair, eThekwini, kusho amaphoyisa ngoLwesihlanu.

Amaphoyisa aseChatsworth kanye nawphiko lwe-K9 ayeqhuba umsebenzi wawo ngesikhathi ebona imoto yohlobo lwe-VW Golf inamadoda amahlanu ngoLwesibne ntambama, kusho okhulumela amaphoyisa uLt-Col Thulani Zwane.

Ngokusho kwaZwane, la madoda abe esesuka ngesivinini ngesikhathi ebona imoto yamaphoyisa.

OLUNYE UDABA:Kudubulane amaphoyisa nezigebengu eLadysmith

"Amaphoyisa abe eseyijaha. Kusolwa ukuthi la madoda abe esedubula amaphoyisa namaphoyisa aziphindiselela, kwalimala amadoda amabili. Imoto ayishiya kanjalo abaleka ngonyawo. Amaphoyisa abophe abasolwa ababili abebenamanxeba okudutshulwa kanti umsolwa wesithathu yena uboshwe ngosizo lwenja."

UZwane uthe amanye amadoda amabili wona akwazile ukubaleka.

"Abasolwa ababoshiwe bangeniswe esibhedlela kanti baqashwe ngamaphoyisa. Amaphoyisa ashaqe isibhamu esingekho emthethweni nomshini wokujamisa izimoto."

Uthe abasolwa bazobhekana necala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nokuzama ukubulala.

Abasolwa bazovela enkantolo yemantshi yaseThekwini uma sebephumile esibhedlela.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...