Kuboshwe abasolwa ngokuqola izithandani

2017-01-14 13:25

Johannesburg – Kuboshwe abantu abathathu ngecala lokukhwabanisa eKrugersdorp ngemuva kokuthembisa izithandani ukuthi bazozalisa imali yazo ngokusizwa amadlozi, kusho iSA Police Service ngoMgqibelo.

Owesilisa uvakashele abasolwa emahhovisi abo ngemuva kokubona isikhangiso, wakhonjiswa imali ebisebhokisini, ngokusho kwamaphoyisa kuFacebook.

Ubesetshelwa ukuthi angathola imali eningi uma engaletha u-R35 000.

Yena nomkakhe badayise imoto yabo baboleka nemali ezalayo.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe owesifazane ngokwebiwa kosana

"Batshelwe ukuthi abafike nemali ukuze kwenziwe umsebenzi ozokwenza imali yabo iphinda phindeke ibeyizigidi zamarandi ezinyangeni ezimbalwa.”

Owesilisa uzame ukufuna imali yakhe ngemuva kokuba abasolwa behlulekile ukwenza njengokwesethembiso.

Uye emaphoyiseni wona anikela kulawo mahhovisi, athola abasolwa nemali engombombayi

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-19°C Sunny. Mild. Bloem: -3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C a few showers. More sun than clouds. Cool. PE: 11-17°C Drizzle. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...