Kuboshwe abasolwa ngokubulala uDumi Masilela: IMeya

2017-08-12 14:01

Johannesburg - IMeya yaseKurhuleni uMzwandile Masina, uthi sebeboshiwe abasolwa ngokubandakanyeka esigamekweni sokubulawa komlingisi weRhythm City, uDumi Masilela.

UMasina wenze lesi simemezelo enkonzweni yomngcwabo walo mlingisi eKmepton Park namuhla (ngoMgqibelo) ekuseni.

UMasilela ushonele esibhedlela ngesonto eledlule ngemuva kokulimala kanzima ngesikhathi edunwa imoto eTembisa.

Lo mlingisi wabanjelwa inkonzo yesikhumbuzo phakathi nesonto.

UMasilela uchazwe njengendoda enamakhono amaningi.

Umngani wkahe, ongumlingisi womdlalo kamabonakude uClement Maosa uhe akazange akholwe ngesikhathi ezwa lezi zindaba.

"NgangiseLimpopo ngesikhathi ngizwa lezi zindaba, kwaba buhlungu. Ngavele ngabuya futhi ngangizitshela ukuthi bayadlala, bazothi akusizo iqiniso."

Umfelokazi kaMasilela, uSimphiwe Ngema uchaze umyeni wkahe njengomyeni obeyikho konke okuhle.

 - EWN

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C High level clouds. Mild. Pta: 6-20°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Mostly sunny. Refreshingly cool. Bloem: 2-20°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 10-18°C Mostly sunny. Cool. PE: 11-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...