Kuboshwe abasolwa ngokuba yizinkabi ngenqwaba yamacala

2017-11-30 08:01

Durban - UNgqongqoshe wamaPhoyisa uFikile Mbalula, uthe ngoLwesithathu ukuboshwa kweqembu elisolwa ngokuba yizinkabi kufanele kube yisixwayiso ezigebengwini.

Kuboshwe abantu abangu-6 abasolwa ngokuba yizinkabi ngaphandle kwaseRichards Bay ngamacala ahlukene enzeka eGauteng naKwaZulu-Natal.

OLUNYE UDABA:Ziqothwe zihlela ukuyobulala izinkabi

"Abasolwa babandakanyeka ezigamekweni ezihlobene nezodlame lwamatekisi, ukubulawa kwamaphoyisa, ukuqhunyiswa kwama-ATM, ukubanjwa inkunzi kwezimoto zemali, ukubulawa okuhlobene nezepolitiki, ukuphanga nokuduna," kusho okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbhele esitatimendeni.

La madoda aboshwe ngoLwesibili  ngamaphoyisa ophiko lweTactical Response Team, yiNational Intervention Unit kanjalo nawe-Public Order.

Abasolwa baneminyaka ephakathi kwengu-34 nengu-52 ubudala, kanti batholwa nezibhamu ezingu-7 nezinhlamvu ezingekho emthethweni.

UMbhele, uthe amaphoyisa azopheka abasolwa ngemibuzo kanti izibhamu zabo zizoya kohlolwa.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Rain late. Mostly cloudy. Warm.
Dbn: 21-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 20-26°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...