Kuboshwe abasolwa ebebehamba ngezimoto ezintathu belandela imoto yemali

2017-09-01 11:02

Harding - NgoLwesihlanu ekuseni ngo-06:30 amaphoyisa athole umbiko ngezimoto ezintathu ezilandela imoto yemali ku-N2 eStaffords Post ngaseHarding.

Amaphoyisa asebenzela esiteshini esiseduze asheshe alusukumela lolu daba avimba izimoto ezintathu zohlobo lwe-Ford Territory SUV,  Toyota Hilux Legend kanye neBMW.

Imibiko ibithi laba basolwa bebehlele ukugebenga le moto ehambisa imali kuzo lezi ndawo.

OLUNYE UDABA:BUKA: Konke okwenzekile kubanjwa inkunzi imoto yemali

Ngesikhathi abasolwa bemiswa amaphoyisa, bavulele ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni.

Kulokhu kushintshana ngenhlamvu, kudubuleke abasolwa abathathu bashona, kwaboshwa abanye abayisikhombisa, kanti oyedwa wabo uphuthunyiswe esiphedlela.

Amaphoyisa athole izibhamu zohlobo lwe-AK 47, i-9mm kanye ne-rifle.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C More sun than clouds. Cool. Pta: 13-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C Afternoon clouds. Warm. PE: 14-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...