Kuboshwe abasolwa abathathu ngokweba i-copper eGoli

2017-11-18 12:33

Johannesburg - Kuboshwe abasolwa abathathu kanti owesine usagcwele amathafa ngokweba i-copper yemali ebalelwa kwengu-R2million eGoli.

Abasolwa ababili baboshwe eTembisa ngoLwesine base bekhipha owesithathu yena oboshelwe eDevland ngoLwesihlanu. Abasolwa baneminyaka ebalelwa kweko-20 ubudala.

ULucky Sindane, okhulumela iGroup Forensic and Investigation Services (GFIS) edolobheni iGoli, uthe i-copper yebiwa esikhungweni esigcina imininingwane ebhilidini eliseBraamfontein ngoMgqibelo ekuseni.

OLUNYE UDABA:Kwenyukile ukwebiwa kwe-copper

Umsolwa wesine yenawadayisa amakhebula e-copper engu-200m ngemali engu-R20 000 eJeppestown ngoMgqibelo ngaphambi kokuba iphinde idayiswe kabusha eDevland ngoLwesine.

Idolobha lakhipha umehlokaboni wemali engu-R100 000 kuloyo ongase abenolwazi olungaholela ekutheni kuboshwe abasolwa ngemuva kwalokho kwavela iminingwane eyaholela ekutheni kuboshwe abasolwa.

 - SowetanLive

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Ushonile owesilisa oshayiswe yimoto ePMB

Emizuzwini eyi-46 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-18°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 15-26°C Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 13-24°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 16-24°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Dbn: 22-27°C Drizzle. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-21°C Showers late. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...