Kuboshwe abashayeli abane kuqhubeka isiteleka samatekisi

2017-11-09 09:29

Pretoria – Kuboshwe abashayeli bamatekisi abane kwabanjwa nenkunzi intatheli ngesikhathi kuqhubeka imashi yeNational Taxi Alliance (NTA) enkabeni yedolobha iTshwane ngoLwesithathu.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Lungelo Dlamini uthe abashayeli ababili baboshwe ngemuva kwezinsolo zokushaya iphoyisa lakwaMetro lesifazan, elizame uukubatshela ukuthi basuse amatakisi emgwaqeni eCullinan.

Umshayeli weteskisi wesithathu yena uboshwe eSinoville, enyakatho yePitoli, ngemuva kwezinsolo zokushayela emgwaqeni ophambana nezimoto, washayisana nezintathu.

Kulimale abantu abane kuleso sigameko.

OLUNYE UDABA:#TaxiStrike: Kuboshwe abashayeli ababili ngokushaya iphoyisa

Umshayeli wetekisi wesine yena uboshelwe ukushayela budedengu eMamelodi ngemuva kwezinsolo zokushayisa iphoyisa ebeliqaphe ukuhamba kwezimoto, liqeda nesiminyaminya emgwaqeni.

Leli phoyisa liphuthunyiswe esibhedlela.

Intatheli yezindaba zakwaNews24 u-Inga Mbambisa ihlaselwe ngamadoda amahlanu bayibamba inkunzi, bayiphuca ikhamera yayo ngesikhathi amatekisi elibangise edephu yamabhasi akwa-Putco eMarabastad, lapho okuqale khona imashi.

Enye indoda ebihlome ngesagila, ijoyine leli qembu yazama ukuthela phansi intatheli ngesagila.

Yize kunjalo, uMbambisa ukwazile ukubamba isikhali, walwisana nawo, okuyilapho le ntatheli ethathelwe khona ikhamera.

UMbambisa ube esephelezelwa eya esiteshini samaphoyisa asePitoli lapho abike khona ngesigameko.

EGoli, okhulumela amaphoyisa omgwaqo uWayne Minnaar uqinisekise ukuphenhwa kwesigameko sokugwazwa komgibeli ku-N1, okusolwa kuso abamatekisi ngesikhathi kutelekwa.

INAT kanjalo nezinye izinhlangano zamatekisi imashe enkabeni yedolobha ngoLwesithathu ihambisa izikhalo zayo ezimayelana nezingqinamba imboni yamatekisi ebhekana nazo.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-29°C Showers late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C Showers late. Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-26°C Tstorms late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-24°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...